Monday, February 12, 2007

Inkosikazi Esenyangeni

Kwasukasukela: Inkosikazi.

Lenkosikazi yabe ilikholwa elingu-Mkhrestu*, yabe inomntwana oyedwa osemncane. Nakho-ke sekwenze lusuku lumbe ithole ukuthi ayizithezanga izinkuni ngo Mgqibelo.

Pho manje ngoba yisonto nje izokwenze njani? Iwazi kahle umyalelo, “ungasebenzi ngalosuku nakanye”. Ibone nje ukuthi, cha izalelwe yinja endlini phela uma kunje.

Iyakhala ngapha ingane, ifuna idokwe layo.

Isiqunge isibindi inkosikazi Ithathe umntwana imuthi khwaxe emhlane. Ithathe isibopho iqonde ehlathini. Nempela ifike itheze, kanti liyayibona iso laphezulu elingafihlelwa lutho. UNkulunkulu onqume umthetho wesine emithethweni eyishumi. Nempela ayithathe nomnyaba wayo wezinkuni kanye nomntwana emhlane. Aye ayoyithi phahla ebusweni benyanga, nempela ifike inamathele lapho.

Ngisho nanamuhla lokho uma inyanga izilingene, uyoyibona inkosikazi ibelethe umntwana, ithwele inyanda yezinkuni ekhanda, isize yaba yithunzi ebusweni benyanga.

Yaphela.

Name: Gladys Dlamini

Date: 14 November 2006

Title: Inkosikazi Esenyangeni & Umpeza ne gwababa

Language: Zulu

No comments: