Monday, February 12, 2007

Umfana Oneminyaka Elishumi

Kwathi ngelinye ilanga umfana owayeneminyaka elishumi, ogama lakhe lingu Solomon. USolomon kawakungumntwana owayengezwa, kanti ethanda utshontsha izinkukhu ezibulala ezigquma ngengubo ngoba ethi ubulalwa idlala. Lokhu wayekwenza ebusuku.

Abantu babehlala bekhala njalo ngoSolomon ngoba wayengezwa, ehlupha njalo. Kwathi ngelinye ilanga uma efika eskolweni abantwana abanye baqoqa izincwadi zabo kanti uSolomon wayengashiyi lutho, ngelinye ilanga wezwa abantu bememeza bethi sekunjalo kwabkhona umsindo omkhulu.

Uthe asamamele wezwa kuthiwa vimba ziyaphela izinkukhu zethu usefikile uSolomon, kanti nazo izinkukhu bezilokhu zibelesele ngomsindo wazo,

Zisho nazo zithi ncedani sesiphelile uSolomon usefikile uzosibhula ngengubo yakhe.

Kodwa wagcina eseye ejele ngoba waye ngezwa ehlupha abantu ababekhelene nebakubo. Abazali bakhe babengazi ukuthi kumele benzenjani ngengane yabo ngoba yayixabanisa umphakathi, kanti bese becabanga nokuthutha baye kwenye indawo ngoba bese kungase mnandanga nakubo bengazwani nomakhelwane babo.

Hawu lengane ingumxabanisi.


Name: L.M. Votshwane

Date: 06 November 2006

No comments: