Monday, February 12, 2007

Story

Ngelinye ilanga amakholwa ahamba aya ememfuleni eyobhajadiswa**, bangena bonke emfuleni kwasala umfana oyedwaokwakuthiwa uThulani igama lakhe, kwathi ezongena kwaba isivunguvungu esikhulu esathatha umfana samfaka phakathi kumfundisi emfuleni.

Isikhathi ebngena ngaso kwakungu 8 o’clock. Kwabonakala ukuthi bamile phezulu kwenyoka sebelokhu benyakaza kancane benyakaziswa yinyoka ngoba amanzi ayahamba.

Kwathi ngo 12 o’clock kwaqhamuka izinyoka ezimbili eziluhlaza zihamba phezulu kwamanzi zangena phakathi kwabo, umfundisi noThulani, eyodwa yabhekana noThulani, ikhanda layo yalimisa ukuthi lilingane nelika Thulani.

Bahlala lapho kwaze kwaba u 3 o’clock ntambama, kodwa kwathi sekungu 3 o’clock kwabuya leso sivunguvungu sathatha umfundisi samlahlela ngaphandle, uThulani yahamba naye inyoka yaya phansi esizibeni sayo kanye noThulani.

Kuthe ngo 7 o’clock ntambama yakhipha amalight** ngaphandle komfula yabuya lapho yaqondana noThulani yamkhotha kusukela ekhanda yaze yagcina onyaweni uthi kubuhlungu kakhulu yathi uma iqeda ukumkhotha yase imdlalisa imqondisa.

Yaqala yamgwinya ngezinyawo wangena umzimba wonke ikhanda kuphela elingangenanga.

Yahlala naye uLwesihlanu nangoMgqibelo yaze yamkhipha ngo 3 o’clock ntambama nge Saturday, yamhlanza yamkhiphela phezuluemhlabeni ngoba wabe ekade esemathunjini omhlaba.

Bamthatha bethi ufle bamfaka lapho befaka khona abantu abashonile bamusa esibhedlela wafika wathola abodoktha** abangu 11.

Name: Ntombiza Xaba

Date: 27 November 2006

No comments: