Monday, February 12, 2007

Umpeza Negwababa

Nyaka mumbe, kwaxabana amaBhunu no Zulu. Iningi lakholwa ukuthi uZulu uyokwehlulwa uma kungahle kubheduke impi. Nebala ithe ingbambana ngezihluthu, abantu banikela emizini yakwaZulu sebeyobambana ngezihluthu.

Kwathi besaphuma nje, bezwa igwababa limemeza, kube yinsambatheka lena. Phela abanye bayasinga bathi bazobona lomuntu okhulumayo ngoba abakholwa ukuthi ngempela ngabe kukhuluma igwababa.

Kanti empeleni yilo kanye ihubhulu.

Fu lisho kahle nje lithii “Uyaphi we Mpeza? Ungayi kuleyondlela yakho, uzokufa! Akuyubuya muntu kule mpi. Phindela ekhaya”. Wonke umuntu ulizwa kahle le gwababa, nomlayezo walo ucacile.

Pho kuzokwenziwa njani? Izinhliziyo zabaningi azikho kulegwababa; bona sebebuka le mpango engase ibaphuthele ngenxa ye hubhu nje. Sukani bo! Mbala-ke baphikelela phambili, kepha uMpeza yena wenyela kakhulu emoyeni ngokuyolelwa ngokufa.

Nomzimba wakhe wawuzwa ushona phansi, wayevele ephindela ekhaya. Nabanye bathi nxa bembona enza ibuya, nabo phenduka, nokho iningi lona laqhubekela phambili.

Kepha kubo bonke labo, akusindanga noyedwa.

Bathelekelwa yimpi yamaZulu ababecabangaukuthi izokwehlulwa. Yashaya ibhuqe, kwasinda owayeyobika ekhaya, uSihlili wafike wabika ekhaya wathi “nibona mina nje, wukuphela, anisayobona mbe”. Abantu bashaqeka kakhulu benanela bathii “nempela izilwane lezi ziyakhuluma”.

Yaphela.

Name: Gladys Dlamini

Date: 14 November 2006

Language: Zulu

No comments: