Monday, February 12, 2007

UHeshane nesiKhukhukazi

Umxoxi: Kwakukhona uHeshane kanye nesiKhukhukazi, uHeshane lona wayezwana kakhulu nesikhukhukazi, bagcina sebethathene, uHeshane eseyindoda yesikhukhukazi, nesiKhukhukazi sesiyinkosikazi kaHeshane.

Ngelinye ilanga uHeshane wahamba eyofuna ukudla, washiya izembe lakhe wacela ukuba isiKhukhukazi simbhekele izembe lakhe aze abuye.

Savuma isiKhukhukazi futhi savuma ukuba sizoyibheka kahle imbazo.

Wathi enghamba uHeshane, isiKhukhukazi saphuma siyotheza izinkuni kodwa sasizozigawula ngani? Sabona kungcono ukuba sithathe izembe likHeshane siyogawula ngalo.

Nempela salithatha izembe sahamba sayotheza sesizithezile sabuya nazo izinkuni, kodwa ngoba zasesinda sazethula sesizofika ekhaya, sahlala phansi saphumula.

Emva kwesikhashana sabona ukuthi alikho izembe likaHeshane, sphuma ngejubane siqonde ezaleni lapho sifike saphumula khona, salicinga, salicinga izembe kodwa phinde silithole.

Kusenjalo kwaqhamuka uHeshane. Into yokuqala ayibuzayo yizembe lakhe. Sachaza isiKhukhukazi ukuthi izembe lilahleke ezaleni lapho sifike saphumula khona ngenkathi sibuya kotheza.

Wathukuthela wathelwa amanzi uHeshane, wathi ulifuna lapha izembe lakhe.

Sabona isiKhukhukazi ukuthi sisebunzimeni. Kodwa pho sasizokwenzenjani? Sabe sisancenge, uHeshane akafuna nakuzwa.

Ekugcineni uHeshane wasitshela isiKhukhukazi ukuthi njengoba sililahlile izembe lakhe uzosijezisa.

Wathi kusuka ngalelo langa uzodla amachwane esiKhukhukazi. Nempela kwaqala kanjalo ukuba uHeshane adle amtshwele ezinkukhu. Kwaqala lapho futhi ukuba izinkukhu ziqhwishe ezaleni.

Ngisho nanamuhla izinkukhu zisafunana nezembe likaHeshane.

Name: Thabisa Mbense

Date: 14 November 2006

Language: Zulu

No comments: