Ngelinye ilanga sihleli nabafowethu ababili nodadewethu, sihleli ekhaya nabantwana bethu, kungumgqibelo kudlala **ibhola, kwaba neqembu eliphumelelayo lapho, uma sihalalisela kwabakhona umsindo.
Manje umfowethu uthi sibanga umsindo, bese sithi sijabulile ngoba **siwinile.
Wasuka wasibizela **amaphoyisa wathi sibanga umsindo, wabuya wasicimela ugesi. Manje umfowethu omncane wakhuza wathi ucishelani ugesi ngoba wonke umuntu ujabulile, manje uthi senzeni.
Kwasuka impi enkulu ngangokuba kwaze kwafika **amaphoyisa ezolamula, kodwa akuzange kulamuleke, saze saya ehovisi **kamasipala ukuthi ilamuleke.
(Masipala = Municipality)
Ngokuthi uJehova muhle, umfowethu wavele wazihambela wazifunela indlu wayohlala khona, sathola ukuphumula ngokuhamba kwakhe.
Name: Nomsa Tshabalala
Date: 06 November 2006
Language: Zulu
No comments:
Post a Comment